Indoda ingqongqise unkosikazi nomuzi

2013-02-21 10:02

Knysna – Kuboshwe indoda esolwa ngokokhela umuzi wayo ngomlilo, kwashona unkosikazi wayo obengaphakathi.

Intombazane, 14, ebisendlini nayo kwenzeka lesi sigameko ikwazile ukuphuma ibaleke.

Umsolwa, 61, uzovela eNkantolo yeMantshi yaseKnysna ngoLwesine.

Lesi sigameko senzeke eSedgefield ngoMsombuluko.

Umsolwa ube esecela empunzini watholwa yisakhamuzi eKingfisher Street, eSedgefield ngoLwesibili, ngokusho kokhulumela amaphoyisa uBernadine Steyn.

“Umsolwa ukhiyele unkosikazi wakhe, 65, uHester Salmans, nentombazane, 14, endlini wase eyokhela ngomlilo,” kusho uSteyn.

“Intombazane ikwazile ukuphulukundlela ibaleke yahamba yayocela usizo. Omakhelwane bathe befika indlu ibisishe yaphela.”


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
2 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. Pta: 4-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-18°C Sunny. Mild. Bloem: 2-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-24°C Sunny. Mild. PE: 10-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...