Indoda ibulale intombi neshende layo

2013-02-11 14:03

Johannesburg - Kuboshwe owesilisa ngemuva kwezinsolo zokubulala intombi yakhe nesoka layo eBoyleni Location eButterworth, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape ngoMsombuluko.

Owesilisa oneminyaka engu-35 ubudala uye kubo kwentombi eBawa Village ngeSonto ekuseni ngemuva kokuncinzwa indlebe ukuthi intombi yakhe iqomile, kusho uCaptain Jackson Manatha.

"Uthe uma efika, wavula ngendluzula umnyango wangena ngaphakathi, wabashaya ngesikhali esiqinile,” usho kanje.

Owesifazane oneminyaka engu-25 kanye nowesilisa oneminyaka engu-29 ubudala, bashonele khona lapho.
 
Izakhamuzi zikwazile ukubamba umsolwa zabe sezibiza amaphoyisa.

Uzovela eNkantolo yeMantshi yaseButterworth ngoLwesibili.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Partly cloudy. Mild. Pta: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 6-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C Showers early. More sun than clouds. Cool. PE: 13-19°C Showery. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...