Indlala ibulale izingane ezine
2011-11-11 15:36
Johannesburg – Iphephandaba iSowetan ibika ukuthi indlala ibulale izingane ezine ngesikhathi bezifuna unina wazo obehambile eyofuna ukudla.
Umndeni wakwaMmupele ungcwabe uSebengu Mmupele, 9, noMmapule Mmupele, 7 ngoLwesine.
Lokho kuze emuva kwesonto elilodwa bengcwabe abanye ababili, u-Olebobeng, 6, no-Oarabetswe, 2.
Bebeyofuna uElizabeth Mmuplele, 27, ongunina ka-Olebobeng no-Oarabetswe, futhi abengu dade kaSebengu noMmapule.
Babika ukuthi u-Elizabeth ubehambele umama wakhe, uMartha Mmuplele, 46, eyozama ukuthola ukudla.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
- News24