Indathane yezikhala zokufundisa ezikoleni eKZN

2012-12-13 08:01

Durban - Zingaphezu kuka-220 izikole ezingenabo othishanhloko KwaZulu-Natal, lokhu kuvele ngemuva kombuzo ofakwe yilowo omele ezemfundo kuDemocratic Alliance eKZN, uTom Stokes.

I-DA icele ukunikezwa uhlu lwezikhala ezingagcwalisiwe ezikoleni esifundeni ngasinye.

Inhloko yoMnyango wezeMfundo eKZN uNkosinathi Sishi, uthe zingu-2 015 izikhala ezingagcwalisiwe, okubalwa ezingu-576 zothishanhloko, amasekela kanjalo nezinhloko zeminyango.

Kulesi sibalo azibalwa izikhala zothisha.

UMnyango uthe lezi zikhala kuzokhangiswa ngazo kanti zizogcwaliswa ngoJanuwari.

UStokes uthe ukubambezeleka kokugcwaliswa kwalezi zikhala okwamukelekile njengoba kukhombisa ukuthi kunenkinga ezikhulwini.

Okhulumela uMnyango uSihle Mlotshwa uthe basizwile isikhalazo se-DA.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- The Witness

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-23°C More sun than clouds. Mild. Pta: 17-30°C Showers late. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 14-25°C Sunny. Warm. Bloem: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More clouds than sun. Mild. PE: 15-22°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...