Imvula igugule amatekisi amabili eKZN
2012-12-13 08:16
Durban - Amatekisi amabili aguguleke aya emfuleni kulandela uzamcolo ngaseMhlanga, KwaZulu-Natal, kusho abezimo eziphuthumayo.
Okhulumela iNetcare 911 uChris Botha uthe abosizo lokuqala namaphoyisa bathole umbiko ngoLwesibili ekuseni ngamatekisi amabili amuke nomfula, nokube sekuqala ukuthungathwa kwawo eMhlangane River.
Uthe kunemibiko eshayisanayo ngesibalo samatekisi alahlekile.
"Ngesikhathi sihamba ngendiza enophephela emhlane phezu kwalo mfula sibone amatekisi amabili."
Ngemuva kokusesha isikhathi eside, akutholakalanga muntu phakathi.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA