Imoshile imvula eKZN

2012-10-22 12:02

Durban - Izikhukhula ezimanadla zilokhu ziqhubekile nokudala umonakalo ezingxenyeni ezithile zezwe, ezihlanganisa enhla nesifundazwe saKwaZulu-Natal, njengoba abantu abahlanu beshonile ngesikhathi behlangabezana nengozi yomgwaqo phakathi komgwaqo uMlaas Road neTala Game Reserve.

Imizi eminigi eNquthu kanye nakwaNongoma, isale ilele phansi, amaphoysia abike ukuthi kuthungathwa abantu abathathu abanyamalale emfuleni iChibide River, ngaseVryheid.

Ngokusho kokhulumela uMnyango wezokuBambisana noHulumeni uLennox Mabaso, imizi eyisishiyagalombili, iwe bhu phansi kwathi eminye engu-34 yakhahlamezeka.

UMnyango obhekele izinhlekelele kuMasipala waseNquthu, uzama ukuqhamuka nezindlela zokusiza abantu abangu-211, abasale dengwane.

Imenenja kaMasipala uBongi Gumbi, uthe kube nesiphepho isidonse isikhathi esiyihora, uthe sibe namandla sashiya sibhubhisile.

“Siqhamuke esikhaleni, wonke umuntu uvele wacasha, abanye bakhuleka,” kusho uGumbi.

UGumbi uthe kunomndeni okhukhulwe yisiphepho, uthe kusatholakale kuphela izidumbu ezimbi, esinye sisafunwa.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- The Witness

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 19-32°C More sun than clouds. Hot.
Jhb: 16-27°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C Showers early. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 18-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...