Imizamo yokwehlisa ukukhulelwa kwentsha e-KZN

2011-05-04 10:52

Durban - UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uthi wethemba ukuthi uzothela izithelo ezinhle umkhankaso wokunciphisa izinga lokukhulelwa kwentsha kulesiya sifundazwe, kubika isiteshi somsakazo i-East Coast Radio.

Lo mkhankaso onesiqubulo esithi 'My Life, My Future' wethulwe ngokusemthethweni eMlazi ngoLwesibili.

Lo mkhankaso uzobona izikhulu zezempilo, ezokuphepha nokuthuthukiswa komphakathi zisebenzisana nabazali nothisha ekulweni nalesi sihlava.

Ngonyaka odlule, kwakhulelwa abafundi abangaphezu kuka-17 000 e-KZN.

Indawo yasoBanjeni eNyakatho ne-KZN yaba nabafundi abangu-2 000 abakhulelwa kwathi esinye isikole eZululand saba nabafundi abangu-60 abakhulelwa.

UNgqongqoshe walo Mnyango e-KZN uSenzo Mchunu uthi bazobe bebheke kakhulu izikole ezingu-240 ezidume ngalo mkhuba.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Sunny. Mild. Pta: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-20°C Sunny. Mild. Bloem: 7-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 13-19°C Showers late. Mostly cloudy. Cool. PE: 10-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...