Iminyaka engu-20 edlwengulwa!

2012-12-10 12:04

Johannesburg - Ngesikhathi umyeni wakhe eyeka ukumshaya nokumdlwengula, wayethi luphelile usizi kanti akazi ukuzi usengenele endodakazini yabo.

Lo mama oneminyaka engu-44 ubudala, eligodliwe igama lakhe, utshele iphephandaba iDaily Sun wathi ubebhekene nosizi iminyaka engu-20 ehlusha yindoda.

Uthi umyeni wakhe ubemtalaba ngemvubu bese emdlwengula phambi kwezingane, lokhu kudlwengula kwaholela ekutheni kuzalwe izingane eziyisikhombisa.

Umama uthi usethole ukuthi umyeni wakhe udlwengula indodakzi yabo eneminyaka engu-14 ubudala, aphoqe umfowabo oneminyaka engu-12 ukuthi abukele.

“Bengiyisiboshwa emzini wami, iminyaka engu-20. Bengesatshiswa ngokubulawa, ngaze ngatshela izihlobo zami," kuchaza owesifazane.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Leonard Hlathi uthi umsolwa usevelile ngaphambi kwenkantolo, wanqatshelwa ibheyili.


 - Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho

 - Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-26°C Sunny. Mild. Pta: 19-30°C Tstorms late. More sun than clouds. Warm.
Jhb: 14-25°C Morning clouds. Warm. Bloem: 16-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-28°C Morning clouds. Warm. PE: 18-25°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...