Iminyaka engu-15 ejele koweba iselula
2013-01-23 10:03
Johannesburg - Owesilisa ugixabezwe ngeminyaka engu-15 esezikhindini kulandela ukugebenga owesifazane iselula, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape ngoLwesibili.
ULieutenant Nkosikho Mzuku uthe uSithembiso Phangindawo, 20, ugwetshwe yiNkantolo yeMantshi yaseMdantsane ngoMsombuluko.
Waboshwa ngemuva konyaka kwenzeka lesi sigameko.
Lesi sigwebo sivuse imvunge ezinkundleni zokuxhumana, abantu bekhala ngokuthi imantshi isiqinise kakhulu isandla.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA