Imigubho ye-ANC izodla omunye u-R400m
2011-11-10 09:32
Johannesburg - Abakhokhi bentela bazokhokha ngaphezulu kuka-R400m ukubungaza iminyaka eyikhulu kwasungulwa i-ANC, eBloemfontein.
Le mali ingaphezu kwalo-R100m leli qembu eseliyihlelele indumezulu yomcimbi ngonyaka ozayo.
Kodwa le mali incane uma uqhathanisa nezosetshenziselwa ukulungiselela ingqalasizinda yomcimbi eFree State.
Abakhokhi bentela sebewukhokhile u-R150m ePhilip Sanders Resort engaphandle kancane kwasedolobheni, nokuyilapho izinto zizobe zenzeka khona.
Omunye u-R35m usubekelwe ukulungisa isonto lamaWesele eWaaihoek, lapho i-ANC yasungulwa khona ngo-1912.
Umsebenzi wokulungisa usuqalile khona esontweni.
Sekuphinde kwabekwa omunye futhi u-R200m ukulungisa inkundla yezemidlalo iSeisa Ramabodu Stadium eseMangaung.
Indlu kaNdunankulu waseFree State u-Ace Magashule yona izolungiswa ngenani lika-R15 million, ezinye izigidi kuzolungiswa ngazo indlu kaMapikela nekaWinnie Mandela eseBrandfort.
UCasca Mokitlane weCope uthe i-ANC kumele iphume ephaketheni likaKhongolose imali yomcimbi.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
- The Witness