Imibono yabafundi bethu ngele'dubula ibhunu'

2011-09-13 09:51

Cape Town - INkantolo ePhakeme yaseningizimu neGauteng ikhiphe isinqumo sokuthi ukuculwa kweculo elinezinhlamvu ezithi "dubula ibhunu" kugqugquzela inzondo ngoMsombuluko.

Lokhu kulandela ukuthi i-AfriForum yavulela umholi wophiko lwentsha ye-ANC, uJulius Malema, icala ngokucula leli culo ephindelela.

Sibe sesicela izimvo zabafundi bethu kuFacebook nabaphendule kanje:

Bhekamambanjwa Winethy Felenkanini Mbanjwa Iqiniso *enqikazisa ikhanda*

Mjweni Mthembeni Hhayi mnganwami asingawakhulumi amanga. Baqinisile. Uthini owenu umbono?

Sibusiso Yende Zakes Kona kunjalo kodwa-ke bekungamele bamthwese icala ngoba iculo elalikade liculwa futhi azange kuphume isitatimende esithi lingaphinde liculwe, kungcono ukube lase livaliwe.

Zama Mthembu Ngikholwa ukuthi leli culo elethu sizwe esimnyama futhi linomlando wala sivela khona. Ngikholelwa ekutheni akhona amaculo amabhunu esingawazi nokuthi athini kodwa awavalwa. Kufanele siyimele into yethu. Ukuthi liculwa umuntu ongafanele nje kuphela.

Pholoba Wenkunzi Abantu bakithi badutshulwa, bashiswa, bahudulwa ngezimoto, bapendwa ngopende, bashawa baboshwa konke lokho kubuhlungu. Uma kuthiwa asikhohlwe pho kungani sikhunjuzwa ngalokhu. Umphathi wesibhamu uyasesaba uma sesibheke ngakuye.

Marvin Mahlangu Ngempela lokho kubuyisa inzondo phakwathi kwesizwe esimhlophe nesimnyama. Akulungile neze.

Buhle Cindy Zuma Yebo kunjalo, ukumthwesa icala into okuyiyo emele iyenziwe ngoba phela usekhuziwe kodwa akezwa uyaqhubeka naleli culo eligcwele inzondo .

Vuyiseka Nkanunu Iputha laba khona kwasekuqaleni ngoba akuzange kushiwo ukuthi aliphele leli culo.

Pholoba Wenkunzi @Buhle Msholozi ngiyaleseka kakhulu. Ngike ngangenga eStanderton ngifuna i-airtime ngangena esitolo okungesiso kugcwele amabhunu ephuza kwasukuma ibhunu emuva leza ngqo kimi lathi "what do you want here ". Angeke kushintshe vele, kanti umncengani umuntu engakuthandi. Ukuzicindezela kwakona lokho.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
2 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-21°C Sunny. Mild. Pta: 4-19°C High level clouds. Mild.
Jhb: 3-14°C Mostly sunny. Cool. Bloem: 1-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 9-26°C Sunny. Mild. PE: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...