Imali eningi kahulumeni iya emiholweni
2012-11-28 14:04
Johannesburg - Imali eningi kahulumeni iya emiholweni, kanti ukhokhela enhle imali le - cishe u-40% wabantu abamnyama abahola kakhulu eNingizimu Afrika abasebenzela uhulumeni.
Uhulumeni udukise abantu baseNingizimu Afrika ngemali yesabelomali esetshenziselwe ukukhokhela abasebenzi bomphakathi, kusho iProphet Analytics ngoLwesithathu.
“Uhulumeni unephutha uma ethi u-35% kuphela wesabelomali osetshenziselwa amaholo. Empeleni u-88%...,” kusho umhlaziyi uPeter Aling esitatimendeni.
Uhulumeni uphinde wadukisa abahlaziyi ngesikhathi eveza ukuthi uyavumelana nokukhuphulela abasebenzi bomphakathi amaholo ngo-5.4%, kusho yena.
Lokhu kuvezwe umbiko wocwaningo lwe-Prophet Analytics’ lwesigaba sesine sonyaka ka-2012 iLabour Market Navigator Report.
Umbiko uveza ukuthi akhuphukile amaholo abasebenzi abamnyama abasebenzela umphakathi kanye nesibalo sabamnyama abasebenzela uhulumeni.
Eminyakeni eyishumi edlule, isibalo sabantu abamnyama abasebenzela umphakathi sinyuke sisuka ku-42 saya ku-74%, kanti kumanje cishe u-40% wabantu abamnyama baseNinguzimu Afrika abahola kakhulu yilabo abasebenzela uhulumeni.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA