Ikhomishana idingide nge-Email kaRamaphosa

2012-10-23 14:29

Rustenburg - Ilungu le-Arican National Congress eliqavile eliphinde libe ngusomabhizinisi uCyril Ramaphosa beliphambili igama lakhe osukwini lwesibili ophenyweni lwesigameko saseMarikana, oluqhubeka eRustenburg Civic Centre.

Ummeli uDali Mpofu, omele abavukuzi abalimala nababoshwa ngemuva kwesehlakalo sango-Agasti 16, uthe kune Email lapho uRamaphosa egxeka khona imibhikisho, eyichaza njengobugebengu efuna nokuba kuthathwe izinyathelo.

"Leyo Email eyango Agasti 15 ngo-14:58, okuyisikhathi esingamahora angu-24 ngaphambi kokuba abantu badutshulwe," kusho uMpofu.

"Sinama Email okwakuxhunywana ngawo phakathi kwabaphathi beLonmin nongqongqoshe bakahulumeni [wezokumbiwa phansi nowamaphoyisa] bese kubakhona noCyril Ramaphosa," kusho uMpofu.

"Wabeka wathi lokhu kungubugebengu ngakho kumele kubhekwane nakho ngendlela efanele." Kusho uMpofu.

UMpofu uthe uRamaphosa wathi kumele kuthathwe izinyathelo zokubhekana nezigebengu, icala lazo okwabe kungukufuna ukukhushulelwa amaholo.

UMpofu uthembise wathi yena nethimba lakhe bazotholela laba ababamele ubulungiswa.

"Sizobuthola ubulingiswa lapha noma kwi-International Criminal Court, okuyolapho lolu daba esizolufaka khona silufakela amaphoyisa adubula abantu bethu,"kuqhuba yena.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C High level clouds. Mild. Pta: 2-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-19°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 7-22°C Sunny. Mild. PE: 11-18°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...