Ikhehla ligajwe yisikhwele lazibulala nonkosikazi
2012-03-15 10:07
Durban - Usale ubambe ongezansi umphakathi waseGeorgedale
KwaZulu-Natal ngemuva kwesigameko sowesilisa osekhulile okuthiwa
udubule unkosikazi wakhe maqede naye wazingqokloza bafa bobabili, kubika iSolezwe.
Lesi sigameko senzeke izolo
ekuseni kanti laba abebeshadile kuthiwa bebehlala bobabili kodwa akucaci
ukuthi bebebangeni kuze kufike ekufeni kwabo, kodwa abanye abakhulumela
phansi bathi bekusolwa isikhwele kumkhulu.
Owesilisa kuvele ukuthi uneminyaka
engu-64 kanti inkosikazi yona ibineminyaka engu-54. Amaphoyisa athe
azoqala azise amalungu omndeni ngalesi sigameko ngaphambi kokuthi
adalule amagama abo.
Ikhansela lale ndawo eku-Ward 5,
uMnuz Bhakabakubo Sosibo, uthe ubuye edolobheni ntambama wazithela phezu
kwabantu abebebabaza isihluku esikhonjiswe yilo wesilisa osekhulile.
“Imibiko esisayitholile ngeyokuthi
abashonile bebebodwa ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko sokudubula.
Kungenzeka ukuthi kuqale kwaba nengxabano eholele kulesi sigameko.
Indodana yabo ibingekho ngesikathi sesigameko kodwa ngibikelwe ukuthi
ibisitsheliwe ngokwenzekile,” kusho uSosibo.
Amaphoyisa esiteshi saseMpumalanga asiqinisekisile lesi sigameko sokufa kwalaba abebeshadile.
ULieutenant Colonel Vincent Mdunge
okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uthe umufi usebenzise isibhamu
sakhe engqokloza owakwakhe ngenhlamvu.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24