Ikhansela le-ANC lihlala bhusende - DA

2012-11-27 14:02

Johannesburg - Ikhansela le-ANC eGoli kuthiwa lihlala ngaphandle kokurenta esikhungweni esihlala onesi ngemuva kokuphoqwa nguMnyango wezeMpiklo eGauteng ukuba lisule emsebenzini, kusho iDA ngoLwesibili.

Ilungu lePhalamende kuDemocratic Alliance uJack Bloom uthe uNokuthula Xaba usehlale kule ndawo izinyanga eziyisishiyagalolunye engakhiphi ngisho indibilishi.

"Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe wezeMpilo eGauteng uHope Papo ngesikhathi ephendula imibuzo esiShayamthetho eGauteng," esho esitatimendeni.

"Ngokombiko kaPapo, usebenzisa amakamelo amathathu kulesi sikhungo sonesi."

Okhulumela uMnyango eGauteng uSimon Zwane uthe uyavuma ukuthi uPapo ukhiphe le mininingwane ngoXaba.

UBloom uthe ukubuza kwabo kusizile njengoba uXaba ezokhishwa kulesi sikhungo aphinde akhokhe yonke imali ayikweletayo yerenti.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-15°C Sunny. Cool. Bloem: 2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-22°C Mostly sunny. Mild. PE: 9-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...