Ijaji limdabukele owabulala unina

2012-11-20 10:00

Durban - Ijaji laseThekwini liyidabukele indoda elahlwe yicala lokubulala umama wayo lathi "inkantolo ilalele udaba oludabukisa kakhulu" nokuwudaba lokuhlukunyezwa kwendodana ebishaywa indiva wumndeni.

INkantolo eNkulu KwaZulu-Natal igwebe le ndoda eneminyaka engu-33 ubudala, iminyaka engu-12 ibhadla ejele, mayelana necala lokugwaza unina nge-screwdriver, kusho izindaba zeDaily News.

Igama le ndoda ligodliwe njengoba iyisisulu sokuhlukunyewa ngokocansi, kuthiwa lona wabe enukubezwa umngani womndeni futhi ongumqeqeshi webhola, kuthiwa umndeni washaya lona indiva ngesikhathi ecela ukusizwa esewubikele ngale nhlekelele.

Umdlwenguli wagcina eboshelwa icala lokuhlukumeza enye ingane.

Ngelanga lokubulawa kukamama kwaba nengxabano ngesikhathi indodana ibuza ukuthi kungani bengamelekelelanga bamsize ngesikhathi ebika ngokuhlukunyezwa kwakhe.

Umama waphendula wathi: "Kungani umqeqeshi engakwenzi umkakhe."

Indodana yabe isidonsa i-screwdriver yagwaza unina kwaba kanye.

“Ngaba nephutha. Asikho isikhathi engiyosichitha ejele esiyohlanza isono sami, namanje ngiyamkhumbula umama. Ngizizwa ngiyisilwane ngenxa yalokhu engakwenza," kuzikhalela olahlwe yicala.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).





- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

UZuma ukhalisane nemindeni eshonelwe

Emizuzwini eyi-1 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-15°C Numerous showers. Decreasing cloudiness. Cool. Pta: 11-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 11-21°C High level clouds. Mild. Bloem: 6-16°C Morning clouds. Refreshingly cool.
Dbn: 17-22°C Passing showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 10-19°C Showers late. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...