Ihhotela libanjwe inkunzi eBloem

2012-11-30 16:50

Johannesburg - Isigejana ebesihlome ngezibhamu sibambe inkunzi ihhotela iThe Lengau, eBloemfontein, sakhala semuka nesamba semali engadalulwanga, kusho amaphoyisa aseFree State.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Chaka Marope uthe abaphangi abahlanu ebebezifihle ubuso bangene emnyango wangemuva ehhotela.

"Abathathu bebephethe izibhamu ababili behlome ngemibese, bahlule ngamandla onogada base befuna imali kubasebenzi,” kuchaza uMarope.

"Kukholakala ukuthi izigilamkhuba ziyalele onogada ukuthi bagude ngamadolo ngesikhathi bona bethatha imali.”

Akubanga khona muntu olimalayo kulesi sehlakalo, amaphoyisa asaphenya.

Sekunxuswe osomabhizinisi ukuthi bahlale beqaphe izigilamhuba njengoba kuyisikhathi samaholidi.






 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 16-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-23°C Morning clouds. Mild. PE: 15-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...