Ihamba yodwa iGauteng - Barbara Creecy

2013-01-03 13:00

Johannesburg - Abafundi baseGauten ebebenza umatikuletsheni ngonyaka ka-2012 yibona abathole imiphumela ephezulu ezweni lonke okungokwesibili eminyakeni emithathu, kusho uNgqongqpshe wezeMfundo uBarbara Creecy ngoLwesine.

"Baphumelele kahle kakhulu selokhu kwatholakala inkululeko. Imiphumela emihle selokhu kwasetshenziswa i-universal access to education," usho kanje ngesikhathi ememezela imiphumela yesifundazwe kamatikuletsheni ka- 2012 eWits University eGoli.

"Okubaluleke kakhulu, ukuthi lena imiphumela emihle hhayi nje ngokwezibalo zabaphasile kuphela kodwa nangendlela okuphaswe kahle ngayo."

Isibalo sabafundi abaphase iNational Senior Certificate (NSC) eGauteng sinyuke ngo-2.8% sisuka ku- 81.1% ngo-2011 saya ku-83.9% ngo- 2012.

UCreecy uthe imfundo kumele ibukwe njengento yesikhathi eside edinga amandla nokuzikhandla hhayi exhanyazelelwayo.

"Kulonyaka, u-71% wabafundi abaphumelele imaths uma kuqhathaniswa no-61% wango-2011. Izinga lokuphasa iPhysical Science linyuke ngo-10%, laya ku-70%.

Isikole iHoërskool Waterkloof ePitoli yisona esenze kahle kunazo zonke esifundazweni.

UCreecy uthe izikole zasemalokishini nazo ziyangokwenza kangcono..

"Kubafundi abathole u-100% kwi-Mathematics, abekho ngaphansi kwabayisithupha abafunda kwezasemalokishini. Izikole zasemalokishini zithole o-distinction abangu-7284, uma kuqhathaniswa nabangu-6109 bango-2011."




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Scattered showers. More sun than clouds. Mild. Pta: 18-24°C Numerous showers. Mostly cloudy. Mild.
Jhb: 15-18°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-23°C Showery. Afternoon clouds. Mild.
Dbn: 19-28°C Showers late. Mostly cloudy. Warm. PE: 17-22°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...