Ihamba phambili iRichmond ngokubulala
2013-01-24 14:08
Johannesburg - UMasipala waseRichmond KwaZulu-Natal yiwo ohamba phambili ngezinga lokubulawa kwabantu kuleli lonke, njengoba limi ku-192 ebantwini abangu-100 000, kusho iSA Institute of Race Relations ngoLwesine.
Inhlolovo iye-SAIRR itshengise ukuthi liphindwe kasithupha izinga lokubulala likazwelonke eRichmond, njengoba iveza ukuthi kubulawe abantu abangu-31 kwabangu-100 000 kuzwelonke ngo-2011/2012.
Abanye omasipala ababili nabo babe nezibalo ezishaqisayo, okubalwa iSundays River Valley, e-Eastern Cape, ngezigameko ezingu-178, neVictor Khanye eMpumalanga, ngabantu abangu-177.
I-SAIRR ibicwaninga izigameko zokubulawa kwabantu kubona bonke omasipala ngonyaka ka-2011/2012.
Umcwaningi wakwa-SAIRR uKerwin Lebone uthe labo masipala abathathu bagqame ngenxa yokuntuleka kwemigudu yokufinyelela eziteshini samaphoyisa nasezinkantolo, ngenxa yobukhulu bezindawo lezo.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA