Igxekiwe iMeya ngolwama-IPad
2013-02-28 10:01
Durban - Amaqembu aphikisayo esigungwini sikaMasipala waseThekwini, asekugxekile ukusho kweMeya uJames Nxumalo, othe kumele amakhansela anikwe ama-iPads, njengoba kunguye kuphela imeya engenabo lobu butsetse, kubika iphephandaba iThe Times.
IDemocratic Alliance ithi kuzomosheka izimali zabakhokhi bentela uma amakhansela enikwa ama-iPads, yathi amanye amakhansela awakwazi nokusebenzisa ama-laptops akhishwe nguhulumeni.
"Sinama-laptops, namanje sisalinde ezinye izinsiza ezihambisana nawo, esazithenjiswa," kusho ikhansela le-DA uHeinz de Boer.
"Sinenqwaba yamaphepha nezincwadi ekumele zibhalelwe imiphakathi, asikwazi ukwenza kahle umsebenzi njengoba sishoda ngama-printer,"
echaza.
Iphini lomholi wekhokhasi ye-DA uZwakele Mncwango uthi ama-iPads angase abe wusizo uma esetshenziswa ngendlela.
"Kubalulekile ukuthi abantu bathuthuke kwezobuchwepheshe, lokhu kwenza kube lula ukuxhumana."
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA