Igcine igobe uphondo iCity Press

2012-05-28 10:04

Johannesburg - umhleli wephephandaba iCity Press uFerial Haffajee usesuse kwi-website yephepha umbukiso ongundabamlonyeni womdwebi uBrett Murray, obizwa ngeThe Spear.

UHaffajee uzobhala ngesinqumo sakhe sokuthi kususwe isithombe.

Phambilini ukhulume nabezindaba zeTalk Radio 702 ngodaba lokubeka isithombe esiveza uMengameli uJacob Zuma ubuntu bakhe bungaphandle.

Ekhuluma nabezindaba uthe ubekhathazekile ngokuphepha kwabadayisi bephephandaba njengoba uNobhala Jikelele we-African National Congress uGwede Mantashe ememezele ukuthi abantu bangalithengi iphephandaba iCity Press.

UHaffajee uthi kushiswe amaphephandaba kwaxoshwa nezintatheli zeCity Press emhlanganweni weNational Union of Mineworkers.

Umhleli uthi ubonisane nabaphathi bakhe bakhombisa ukumeseka, uthi akaze bamfakele ingcindezi yokuthi asuse isithombe okanye asule emsebenzini.

 
 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Sunny. Mild. Pta: 15-29°C Tstorms late. Morning clouds. Warm.
Jhb: 12-25°C Rain late. More clouds than sun. Mild. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 16-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...