Igama leLonmin ezinkampanini ezibhedayo
2013-01-04 13:08
Johannesburg - Sekuphakanyiswe igama lenkampani iLonmin, liphakamiselwa indondo yokuba yinkampani engenzi kahle ukuzedlula zonke emhlabeni, onyakeni ka-2012, kusho inhlangano iGroundWork, ngoLwesihlanu.
"Lokhu kuvele ngesikhathi kubhekisiswa ukunakekelwa kwamalungelo abantu nesimo sezokuphepha enkampanini,” kusho umqondisi kwaGroundwork uBobby Peek.
Igama leLonmin lahanjiswa ngabakwaGroundWork nabakwaBench Marks Foundation, beliphakamisela izindondo ezaziwa ngePublic Eye Awards.
Izindondo lezi zikhishwa ngabakwaWorld Economic Forum, kulo nyaka umcimbi uzobanjelwa eDavos, eSwitzerland, kusukela mhlaka-23 Januwari kuya kumhlaka-27.
Ezinye izinkampani ezisohlwini zihlanganisa iG4S, Repower, Alstom, Shell, Coal India neGoldman Sachs.
Mhlaka-16 Agasti, abantu abangu-34 bashona emayini iLonmin, ngesikhathi amaphoyisa edubula abavukuzi ababetelekile.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).