'Ifikiselana ngamahloni ekaDalai Lama'

2011-10-06 16:32

Cape Town - Indlela uhulumeni aluphathe ngayo udaba lwesicelo se-visa kaDalai Lama yenza sibabuke ngenye indlela labo abathintekayo, kusho iFW de Klerk Foundation ngoLwesine.

Isikhulu esiphezulu seFoundation Centre for Constitutional Rights, uDave Steward uthe owayengumengameli uFW de Klerk ngoSepthemba 16 wathi akanikezwe uDalai Lama i-visa ngoba iNingizimu Afrika iyizwe elivumela zonke izinkolo.

"I-FW de Klerk Foundation ikhathazekile ngezinkinga zokuhluleka ukumelana nesicelo sokunika uDalia Lama i-visa," esho.

UDalai Lama ungumholi ohlonishwayo emhlabeni, nowanqoba iNobel Peace Prize, kanti umelene nodlame.

Kusolwa ukuthi isinqumo sokungamniki i-visa yingoba elakuleli alifuni ukucasula uhulumeni waseChina, yize noma ohambeni lwakhe ubengeke abe nomhlangano nohulumeni wakuleli.

Bonke ohulumeni kungumsebenzi wabo ukulawula amazweni abo.

Uma isivakashi singafaka igcindezi kwezokuphepha -- uma sinokuxhumana nobugebengu noma uma singeke sikwazi ukuzinakekela -- uma kunjalo ungamnqabela-ke imvume yokungena lowo muntu, kuqhuba uSteward.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Yekani ukugxambukela - Muthambi

Emizuzwini eyi-39 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 16-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-23°C Morning clouds. Mild. PE: 15-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...