Idla lubi inkohlakalo e-E Cape
2013-02-04 07:58
Port Elizabeth - Uphenyo ngoMnyango wezeMpilo e-Eastern Cape luveze ukuthi "liyashaqisa" izinga lenkohlakalo nokuqashana ngokwazana kulo Mnyango.
Kunabasebenzi abangu-544 kulo Mnyango okusolakala ukuthi bayizipoki, njengoba kuvele ukuthi banezinombolo zomazisi ezingekho emthethweni, kusho lo Mnyango esitatimendeni ngeSonto.
Abasebenzi abangu-8 034 bangabaqondisi bezinkampani kanti abangu-929 bahlinzeka uMnyango ngezidingo.
Kwabangu-8 034, abasebenzi abangu-235 bahola imali engango-R42.8m kulo Mnyango.
UMnyango uthi kubikwe izigameko ezingu-35 lapho abashade nabasebenzi boMnyango benza khona ibhizinisi nawo, abanye bayamaniswa nezinkampani ezingu-35 ezakhokhelwa u-R11 million nguMnyango.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA