Idale izinkinga imvula eKZN

2012-09-06 07:21

Durban - Imvula eqhubeka esifundazweni eKwaZulu-Natal isidale ukuthi kube nesiminyaminya emigwaqeni eminingi kwaphinde kwadaleka nezingozi, kubika iNewswatch.

Kubikwe ngengozi eyenzeke emgwaqeni ongu-N3 la khona kushayisane itekisi nezimoto ezintathu kanye neloli.

Okhulumela abakwa-ER24 uDerrick Banks uthe kulimale abantu abayisishiyagalolunye, ababili kubo balimale kambi.

UBanks uthe kudingeke kube nokusebenzisana kwezinhlaka ezahlukene kuze kuzokhululwa abantu ekade bebhajwe ezimotweni.

"Bambalwa abantu ekade bevalelekile, aboMnyango wezeMililo yibo abasize ukubakhulula. Abantu abaningi abalimalile yilabo ekade begibele itekisi," kusho uBanks.





 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-17°C Sunny. Mild. Bloem: 0-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-17°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...