Ichemile eyokuhlonishwa kukaZuma yedwa - Cosatu

2012-11-15 16:28

Johannesburg - Sichemile isiphakamiso sokuthi kube khona umthetho ozovikela uMengameli uJacob Zuma kuphela uma edelelwa, kusho iCongress of SA Trade Unions, ngoLwesine.

“Bonke abantu banamalugelo okuthi bahlonishwe...angeke kwaba khona umthetho ozochema nomuntu oyedwa kuphela, kusho umkhulumeli weCosatu uPatrick Craven.

UNobhala Jikelele weSA Communist Party uBlade Nzimande uphakamise ukuthi kube khona umthetho ozovikela uMengameli uZuma, uma edelelwa ngabantu, wathi abantu banokukhulu ukungamhloniphi umengameli.

"Abantu bangaphambana nami ngokombono, kodwa akukuhle ukuthi bangahloniphi, lokho akwamukelekile," kusho uNzimande, onguNgqonqgoshe woMnyango wezeMfundo emazingeni aPhakeme, ecashunwa yiphephandaba iThe Star.

"Abantu abamhlophe basibukela phansi."

UNzimande uthe kungenzeka kugcine kufika la khona abalandeli bakaZuma bethukuthela.

UNobhala Jikelele weCosatu uZwelinzima Vavi, uphawule kuTwitter ezwakalisa umbono wakhe ngesiphakamiso seSACP.

"Angifuni muntu odelela omunye kodwa kumele kuhlonishwe isithunzi sawo wonke umuntu. Umthetho ongase uvumele ukuthi kuhlonishwe umuntu oyedwa ungase wenze leli ligcine lifana neZimbabwe," kubhala uVavi.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kugcwele abafelokazi abasebancane

Emizuzwini eyi-6 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-21°C More sun than clouds. Mild. Pta: 17-30°C Tstorms late. More sun than clouds. Warm.
Jhb: 14-25°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. Bloem: 15-31°C Tstorms late. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-23°C Decreasing cloudiness. Mild. PE: 17-24°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...