Ibuyela e-E Cape imindeni yabaseMarikana

2013-02-28 14:02

Johannesburg - Imindeni yabavukuzi basemayini iLonmin, abadutshulwa babulawa bebhikishela ukwenyuselwa amaholo, bazobuyela emakhaya e-Eastern Cape, kusho iKhomishana kaFarlam.

USihlalo wekhomishana uJaji Ian Farlam, uthi imindeni kumele iyobhekana nezinto ezithize eziqhubeka emakhaya.

Kuzokuba khona izinsuku abazobuya ngazo bezolalela ukuqhubeka kwekhomishana ezama ukuthola lokho okwenzeka ngesikhathi kuqhubeka isiteleka esaphetha ngokuthi kushone abantu abangu-44.

"Kubalulekile ukuthi imindeni ibe nesiqinisekiso sokuthi udaba lokubulawa kwezihlobo zayo, lusingathwa ngendlela efanelekile nenesizotha. Ngiyafisa bathole ukududuzeka ngokwazi ukuthi senza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi sithola iqiniso linjengoba linjalo," kusho uFarlam.

UFarlam ufisele imindeni uhambo oluhle uma isiphindela emakhaya e-Eastern Cape.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone isikhulu sikahulumeni eN West

Emizuzwini eyi-34 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Warm. Pta: 18-30°C Tstorms late. More sun than clouds. Warm.
Jhb: 14-25°C Showers late. More sun than clouds. Warm. Bloem: 14-27°C Showers late. Broken clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-23°C Showers late. Mostly cloudy. Mild. PE: 15-19°C Showers early. Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...