Ibukeka isekude ukuphela ekaZuma neNkandla

2012-11-19 08:14

Johannesburg - Amaqembu aphikisayo agxeke uMengameli Jacob Zuma ngokudukisa iPhalamende ekutheni ukhokhela i-bond yomuzi wakhe oseNkandla, ngokusho kombiko.

“Njengoba umengameli ubekhuluma ngaphansi kwesifungo sakhe, kubukeka kusobala ukuthi ulidukise ngamabomu iPhalamende nesizwe, lokhu kuyicala kukodwa.

“Leli yicala elibomvu ngaphansi koMthethosisekelo wakuleli ngokomthetho uSection 89,” kusho umholi weCongress of the People uMosiuoa Lekota.

Iphephandaba iCity Press libike ukuthi umhlaba uZuma akhe kuwona umuzi wakhe ungaphansi kweNgonyama Trust, nephethwe yiSilo samaBandla uGoodwill Zwelithini, nelawula u-32% womhlaba waKwaZulu-Natal.

NgoLwesine, uZuma washo kanje ePhalamende: "Ngazisukumela mina ngazibambela mathupha ngesikhathi nginweba umuzi wami, kumanje nginesikweletu engisikhokha ebhange."


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-21°C Sunny. Mild. Pta: 4-19°C High level clouds. Mild.
Jhb: 3-14°C Mostly sunny. Cool. Bloem: 1-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 9-26°C Sunny. Mild. PE: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...