Ibhungu lilandisa ngesiphepho eKZN

2013-02-13 12:01
Yabelani Shicilela

Durban - Ibhungu laseMsinga lithi namanje asisuki emqondweni walo isithombe sezihlobo salo ebezigugulwa ngamanzi ezikhukhula kulandela ukuhlasela kwesiphepho kuleya ndawo ngoMsombuluko ebusuku.

Amaphoyisa angabatshuzi athole isidumbu soyedwa ngoLwesibili, kanti ababili basadukile.

Elandisa ngalesi sigameko, uMelusi Gwala, 19, uthe ubeyedwa egumbini elisekhaya kubo ngabo-18:00 ngesikhathi kuqala imvula enamandla.

“Ngizwe abantu bememeza bethi asibaleke amanzi angena endlini. Ngilunguze ngewindi ngabona amanzi eza njengegagasi eqonde endilni."

Lokhu kudalwe ukugcwala ngokweqile komfula iSibumba.

Ubone kungcno agibele phezu kwendlu ukuze asinde.

“Bengibona yonke into amanzi egugula imizi, okubalwa nale ebengimi kuyo," esho.

Kuthe kusenjalo wabona u-anti wakhe, uDudu Dlamini, 36, umzala wakhe uSiya, 21, no-Amanda Dlamini, 12, beguguleka.

Ikhansela lendawo uZakhele Sithole, uthi yena usizwe ukubaleka ngemoto, nakuba usindile.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- The Witness

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-21°C Sunny. Mild. Bloem: 8-25°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 17-28°C More sun than clouds. Warm. PE: 15-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...