Ibhungu lidlwengule owayeyintombi yalo
2012-12-26 09:02
Johannesburg - Kuboshwe ibhungu, 18, ngezinsolo zokudlwengula lowo owayeyintombi yalo eCeru ngaseButterworth, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape.
Okhulumela amaphoyisa uCaptain Jackson Manatha uthe lo mfana uthole owayeyintombi yakhe, 16, enodadewabo ngoMgqibelo.
Wabe esecela ukukhuluma naye kepha wanqaba.
Wabe esemhudulela endaweni eseduzane nesonto nalapho amnukubezela khona.
Umsolwa wabe eseboshwa ngeSonto ebusuku.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA