Ibhungu kwelokuhlasela iphoyisa

2013-02-26 10:01

Durban - Kuboshwe umsolwa ngezinsolo zokugwaza owesilisa endaweni yokucima ukoma ePhoenix nokuzama ukuhlasela iphoyisa ngommese, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal ngoLwesibili.

Amaphoyiswa aziswe ngalesi sigameko sokugwaza eR&V Sports Bar ngoMgqibelo ebusuku, kusho uCaptain Thulani Zwane.

Amaphoyisa anikele khona endaweni yesehlakalo athola owesilisa, 30, enamanxeba okugwazwa emzimbeni.

Isisulu sakwazi ukuchaza umenzi wokubi.

Kube sekuqaliswa ukuthungatha umsolwa eBrookdale khona ePhoenix watholakala ngemuva kwehora.

"Ngesikhathi eboshwa, umsolwa ubenodlame wazama ukugwaza amaphoyisa," kusho uZwane.

"Amaphoyisa, ngenxa yokwesabela impilo yawo, abe esedubula kwalimala umsolwa."

Ube eseyiswa esibhedlela kanti ungaphansi kweso lamaphoyisa.

Uma eseluleme, uzovela eNkantolo yeMantshi ePhoenix ngamacala okuzama ukubulala nelokushaya.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Sunny. Cool. Pta: 14-26°C Tstorms late. Morning clouds. Warm.
Jhb: 12-22°C Scattered showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-29°C Haze. Warm. PE: 15-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...