Ibhokile inkohlakalo eTshwane

2012-07-31 08:29

Johannesburg - IDemocratic Alliance ithi inkohlakalo ebhokile eqhubeka kuMasipala waseTshwane, yiyo ekhubaza ukuhanjiswa kwentuthuko, kusho umbiko wephephandaba iBeeld.

Okhulumela i-DA uKaren Meyer, usho lokhu kulandela umbiko okhishwe yithimba iSpecial Investigating Unit.

Ithimba laqokwa nguMengameli uJacob Zuma ngenyanga kaNovemba ngo-2010, ukuthi liphenye ngenkohlakalo kanjalo nokungaziphathi kahle ekuthiwa kwenziwa yizikhulu ezingu-65 zikamasipala.

Kuthiwa izikhulu lezi zizibandakanye nezinkampani ezingu-66 ezisebenzisana nomasipala.

Umbiko uthi ziyisishiyagalolunye izikhulu ezithathelwe izinyathelo nekuthiwa izinkampani zazo sezihlomule imali eyevile ku-R1 million.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-20°C Mostly sunny. Cool. Pta: 18-30°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 15-26°C a few showers. Partly sunny. Warm. Bloem: 18-26°C Thunderstorms. Afternoon clouds. Warm.
Dbn: 22-30°C Tstorms late. Mostly cloudy. Warm. PE: 20-26°C Rain late. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...