Ibheyili kwabasolwa ngokudlwengula

2013-02-20 10:06

Cape Town - Amadoda amabili anikezwe ibheyili ngemuva kokubekwa izinsolo zokudlwengula indodakazi yekhansela laseGrabouw, kusho umbiko ngoLwesithathu.

Iphephandaba iCape Times libike ukuthi la madoda, womabili aneminyaka engu-24 ubudala, avele eNkantolo yeMantshi yaseGrabouw ngoLwesibili, nalapho ekhishwe khona ngebheyili ka-R500 umuntu ngamunye.

Icala libe selihlehliselwa u-Ephreli 29.

Owesifazane, 22, nothi wadlwengulwa ehlanganyelwe, uthe abasolwa ubebathatha njengabangani futhi nomndeni wakhe ububathemba.

"Ngishaqekile ngabakwenze kimi ngoba bengicabanga ukuthi singabangani... Ngiyazenyeza futhi ngizizwa ngingcolile.”

Ubaba wesisulu unqume ukuphumela obala ngalolu daba olwenzeke ngoMgqibelo, wahlaba isinqumo sokuthi bakhishwe ngebheyili.

"Ukunikezwa kwabo ibheyili kusho ukuthi kunokuthile okungahambi kahle ngezobulungiswa kuleli,” esho.

Ukubikwa kwezehlakalo zokuhlukunyezwa ngokocansi kuleli dolobha laseWestern Cape kunyukile kule minyaka emihlanu eyedlule.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 5-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 1-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-22°C Morning clouds. Mild. PE: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...