Ibheyili kwabasolwa ngokubulala izelamani

2013-02-06 08:36

Johannesburg - Adedelwe ngebheyili amadoda amabili asolwa ngokubulala ngesihluku izelamani zaseNorthcliff yiNkantolo yeMantshi yaseGoli, kubika iphephandaba iThe Star ngoLwesithathu.

UKenneth Schroder, 53, noPaul Mundel, 39, banikezwe ibheyili ka-R15 000 umuntu ngamunye.

Izelamani uGary Smith noKaren Buchanan babulawa kubo ngoMashi 2008.

Batholakala beboshwe izandla nezinyawo, befakwe izidwedwe emlonyeni bekhishwe amazinyo bacibwa ngemicibisholo.

UBuchanan wadlwengulwa ngaphambi kokuthi bobabili badutshulwe.

Abasolwa babhekene namacala okubulala, ukudlwengula, ukuphanga besebenzisa isihluku nokutholakala nesibhamu.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Libafazi bedube inyama kokaMeyiwa

Emizuzwini eyi-9 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C High level clouds. Mild. Pta: 17-30°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-24°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 14-18°C Rain showers. Broken clouds. Mild.
Dbn: 17-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 16-19°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...