Ibandla lizonxuswa ukwamukela izitabane

2013-02-14 14:02

Johannesburg –  Umkhandlu omkhulu webandla iDutch Reformed Church uzocelwa ukuba ucabange ngokwamukela abantu abathandana bengabobulili obubodwa kanye nabefundisi abayizitabane, kubike iBeeld ngoLwesine.

Umxazululi waseWestern Cape uDkt Frits Gaum uthe iziphakamiso zenziwe ngokuhlanganyela ngamalungu amabandla angu-26, phakathi kwabo kukhona nendodana yakhe uGaum, uLaurie.

"Lolu daba ludala uqhekeko emabandleni umhlaba wonke, kodwa umkhandlu omkhulu kuzomele usicabange lesi sicelo ngendlela ehluzekile, ehambisana nombhalo ongcwele,” kusho uGaum.

Esiphakamisweni, la mabandla angu-26 acele ukuba isigaba esibalulekile somgomo webandla, esamenyezelwa ngo-2007, kumele singashintshwa. Isigaba sihlanganisa isinqumo esathathwa sokuthi ukuhlanganiswa kowesilisa nowesifazane kuphela okuthathwa njengomshado. 

Kodwa, umgomo wango-2007 uphinde uthi ibandla ngeke libamukele ubudlelwane babobulili obubodwa njengomshado.

Isiphakamiso esisha sithi kucelwa umkhandlu ukuba kube nobudlelwane babobulili obufanayo obamukelekile kodwa ngendlela eyehlukile.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

 


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Warm. Pta: 18-30°C Tstorms late. More sun than clouds. Warm.
Jhb: 14-25°C Showers late. More sun than clouds. Warm. Bloem: 14-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-23°C Showers late. Mostly cloudy. Mild. PE: 15-19°C Showers early. Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...