ITheku liphika eyokudelela uSutcliffe
2012-12-04 12:38
Durban - Imenenja yeTheku uSbu Sithole usefake amaphepha aphendula ngodaba lwecala luka-R10 million lokwehlisa isithunzi alifakwa nguMichael Sutcliffe, kubike iMercury ngoLwesibili.
Idolobha liyazihlangula kuleli caca, lithi uma kwatholakala ukuthi ukuphawula kwakhe kwakwehlisa isithunzi, uSithole wayenza umsebenzi wakhe.
USutcliffe wafakela uSithole kanye nedolobha isimangalo kulandela ukuphawula okwenziwa nguSithole mayelana nombiko kaManase ngezinsolo zokukhwabanisa nenkohlakalo ezenziwa kuleli dolobha.
Kubikwa ukuthi uSithole watshela abezindaba ukuthi idolobha selinqume ukuthwesa uSutcliffe amacala obugebengu limthathele nezinyathelo zomthetho ukuze kubuye u-R1.1 million owalahleka ngenxa yokwehluleka kukaSutcliffe ukubika ngenkohlakalo.
USutcliffe uthi ukuphawula okwenziwa kungamanga futhi kubuhlungu.
Idolobha liyakuphika ukuthi ukuphawula kwakungamanga.
Liyakuphika futhi ukuthi uSithole wathi umbiko kaManase uthole ukuthi uSutcliffe uyimbangela ekulahlekeni kuka-R1.1 million nokuthi kumele abuyise leyo mali.
Umasipala uthe ukuphawula kwenziwa ukuze abantu bazi njengelungelo labo.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA