ITheku liphasile ekuvimbeni izintatheli

2012-11-13 10:02

Durban - UMasipala weTheku usuvimbele izintatheli ekuboneni umbiko ngaphambi kokuba kudingindwe ngawo emkhandlwini, kubike iThe Mercury ngoLwesibili.

Kubikwa ukuthi inhloso yalokhu ukuvimbela abezindaba ukuba bacwaninge imiqulu ekhombisa ukuthi imali yabakhokhi bentela isetshenziswe kanjani.

Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule izintatheli zacelwa ukuba ziphume lapho okwakunomhlangano khona wekomiti eliphezulu ukuze umkhandlu uzokwazi ukudingida imibiko.

Phakathi kwemiqulu okwakhulunywa ngayo ngasese kuhlanganisa lowo onombiko kaManase and Associates, kanye nezinhlaka zedolobha, nombiko weStrauss Daly Attorneys omayelana nombiko kaManase.

Iphini likasihlalo kuSA National Editors' Forum, uRaymond Louw, ugxeke isinqumo sedolobha, wathi asihambisani noMthethosisekelo.

Okhulumela idolobha, uThabo Mofokeng, akayiphendulanga imibuzo athunyelelwe yona ngalolu daba.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Usesejele uPistorius

2014-10-21 18:25
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 16-30°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 16-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...