ISowetan ixolise kuFerial nabathintekile

2011-08-04 11:32

Cape Town - Iphephandaba iSowetan lishicilele udaba lapho lixolisa khona kumhleli wephephandaba iCity Press, uFerial Haffajee "nakubona bonke abantu bakuleli" ngengosi ka-Eric Miyeni eyasusa omkhulu umsindo kuleli.

Lokhu kuxolisa kubhalwe yilowo oyimenenja yaleli phephandaba uJustice Malala noMondli Makhanya, ongumhleli omkhulu e-Avusa, nokuyinkampani iSowetan engaphansi kwayo.

"Engosini yakhe uMiyeni ubonakale evuna isenzo sokugaxwa ithayi emqaleni," kubhala uMakhanya noMalala.

"ISowetan ngeke ivume ukuzimatanisa nezinto ezinjalo.

"Uma sikuvumela lokho kuyobe kuchaza ukuthi iphephandaba lethu lihambisana nokwenzeka eRwanda ngo-1994, nalapho izinhlangano zabezindaba zazisetshenziselwa ukubhebhethekisa udlame.

Lowo obengumhleli oyibamba kuleli phephandaba, uLen Maseko unqume ukusula esikhundleni.

UMpumelelo Mkhabela, nobengumhleli weDaily Dispatch usezoqhoqhobala isikhundla esishiywe nguMaseko.

UMiyeni wathi uHaffejee usetshenziswa ngabamhlophe ukuba acekele phansi abantu abamnyama.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter.

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C Scattered clouds. Cool. Pta: 13-27°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 8-21°C Sunny. Mild. Bloem: 3-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 12-17°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...