ISilo sizokwenza umcimbi wokuqeda udlame

2012-11-06 12:03
Yabelani Shicilela

Durban - ISilo samaBandla iNkosi Goodwill Zwelithini uhlele umcimbi wesintu wokuzama ukugwema udlame lwezombusazwe oluqhubeka KwaZulu-Natal, kusho umbiko weThe Times ngoLwesibili.

Lo mcimbi uzobandakanya ukugezwa kwabesilisa ukubakhipha amabhadi nokhondolo lodlame.

"ISilo sizoqala ngokuhlangana nomkhandlu wabaholi bendabuko ngoLwesine," kusho okhulumela uBhejane phuma esiqiwini iNkosana uMbonisi Zulu etshela leli phephandaba.

"Iminingwane ngokugezwa kwabesilisa izohlaluka emhlanganweni."

Kubalulekile ukuthi iSilo sihlangane nabaholi bendabuko, ngoba lo mcimbi uzobandakanya abantu abaqhamuka ezogodini zabo, esho.

Lo msebenzi, owaziwa ngokuthi "ukukhumelana umlotha" kulindeleke ukuthi wenzeke ngenyanga ezayo uma konke kuhambe kahle.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-18°C Numerous showers. Mostly cloudy. Mild. Pta: 9-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 10-19°C Sunny. Mild. Bloem: 9-23°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 18-29°C High level clouds. Pleasantly warm. PE: 12-19°C Showers late. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...