ISilo sithola impatho eyisipesheli - Umbiko
2012-09-24 12:01
Johannesburg - INkosi
yamaZulu, uGoodwill Zwelithini, uthola ukunakekelwa okuyisipesheli kuhulumeni
uma kuqhathaniswa namanye amakhosi endabuko, kusho umbiko ngoMsombuluko.
I-The
Citizen ibike ukuthi oyinhloko yamakhosi endabuko, iTraditional Leaders'
Congress of SA, uPhathekile Holomisa, uthe iSilo samaBandla siphathwa ngokukhethekile.
"INkosi
yamaZulu iphathwa ngokwehlukile kuneNkosi yamaPondo, eyamaPedi, eyamaNdebele
kanye neyamaVenda.”
UNgangezwe
uZwelithini kanye nabasizi bakhe muva nje basanda kuhlala ehhotela
eliseThekwini, okubikwa ukuthi kudle abakhokhi bentela u-R150 000.
Kanti
kunjalo nje, iNkosi yamaZulu, isanda kucela u-R18 million wokwakha izigodlo
kuhulumeni wesifundazwe. Ngokusho kwe-The Citizen, iSilo uZwelithini, saphinde
sacela u-R12m wokwakhela uNdlunkulu omncane isigodlo.
U-Albert
Mncwango, oyinduna yeSilo, uthe uHolomisa “kumele ahlukane nathi” wathi
isikhalazo sakhe sihambisana nokucwasa.
"AmaZulu
anomlando ohlukile ngakho ngeke afaniswa namanye amakhosi,” usho kanje.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA