ISilo sisebenzisa u-R800 000 ngenyanga ngokuhamba

2012-11-23 10:01
Yabelani Shicilela

Durban - INkosi uGoodwill Zwelithini nethimba lakhe basebenzisa imali engaphezu kuka-R800 000 ngenyanga uma behambela izindawo, ngokusho kombiko ngoLwesihlanu.

Lokhu kwenatshwe emhlanganweni wekomidi lezezimali KwaZulu-Natal ngoLwesine.

Ilungu lekomidi neliphinde libe iLungu lePhalamende leNkatha Freedom Party uRoman Liptak uthe lokhu kuwukuhlawumbisela kwemali esebenza ngenyanga.

Ngokwamaphepha avezwe kulo mhlangano kuvele ukuthi lowo ophethe ezezimali eMnyangweni wezaseBukhosini, uMduduzi Mthembu, uthe akukho lula ukulawula izindleko zokuhamba kweSilo samaBandla.

UMthembu uthe kusebenza okungenani u-R820 000 ngenyanga ekuqasheni amabhanoyi ayisipesheli nezindiza ezinophephela emhlane uma ehambela isifundazwe ngokomsebenzi wakhe.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-20°C High level clouds. Mild. Pta: 8-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-17°C Sunny. Mild. Bloem: 3-17°C Sunny. Cool.
Dbn: 13-23°C Morning clouds. Mild. PE: 12-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...