ISilo sigxeka iziteleka

2012-09-19 12:03

Durban – INkosi uGoodwill Zwelithini usexwayise ngokusebenzisa iziteleka ukuxazuluka ukungaboni ngasolinye ezimbonini, uthi ziyawulimaza umnotho, kubika iThe Mercury.

Ethula inkulumo yakhe ezikhulwini eziphezulu zakwaTransnet echwebeni laseThekwini ngoLwesibili, UNgangezwe uthe uyawahlonipha amalungelo abasebenzi okuteleka.

Kodwa, lokhu kulimaza umnotho wezwe kanye nerandi, wabe esethi kungakuhle uma kungatholakala enye indlela yokusombulula ukungaboni ngasolinye ezimbonini.

“Ukuvikela umnotho wakuleli, abantu kumele bahlale phansi baxoxisane ukuze kuxazululwe izinkinga,” kusho UHlanga loMhlabathi.

ISilo sikhuluma kanjena nje, kulandela imibhikisho eminingi ebonakala iqhubeka kuleli lizwe embonini yezimayini, okuhlanganisa neyenzeke eMarikana eNorth West, lapho kwaphangalala khona abantu abangu-46.

UBhejane phuma esiqiwini uphinde wakhuluma nangobunzima bokuntuleka kwemisebenzi waphinde washayela ihlombe ukutshalwa kwezimali okuzokwenziwa ngabakwaTransnet emachwebeni amabili eKwaZulu-Natal, okuyiseRichards Bay naseThekwini.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-24°C Sunny. Mild. Pta: 19-26°C Heavy rain. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 17-24°C Numerous showers. More clouds than sun. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 23-28°C a few tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 20-23°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...