ISilo sidinga ukwengezwa ngenye imali

2012-10-29 12:09

Durban - ISilo samaBandla, uGoodwill Zwelithini sidinga enye imali ukuze sikwazi ukugcina amakhosikazi aso ayisithupha kanye nezingane zaso cishe ezingamashumi amabili ziphila ngendlela ebafanele, kusho ababhekele ezasebukhosini.

Isikhwama esibhekele umuzi wasebukhosini senziwa ngemali "yokupatanisa", kusho ababhekele ukusebenza kwaso betshela iziphathimandla zesifundazwe, kubike iSunday Tribune.

Ngonyakamali owedlule, kwafakwa u-R12m kulesi sikhwama usuka ku-R55m wemali eyabelwa uMnyango wezaseBukhosini kodwa yasetshenziswa ngokweqe ngo-R5.1m.  

IJaji uJerome Ngwenya uthe kudingeka enye imali engu-R6m ukuze kwenziwe eminye imisebenzi ehlanganisa ukuqasha i-CEO, CFO ne-Public Relations Manager.

Amaqembu aphikisayo awakuphikisanga ukukhishwa kwalemali kodwa azwakalise ukukhathazeka ngokusebenza kwesikhwama.

Isikhwama senziwa ngenhloso yokubhekela umndeni wasebukhosini.

Ngenyanga edlule kwabikwa ukuthi ezinye zezisebenzi kulo Mnyango zazisebenzisela imali engu-R600 000 zizithengela ukudla kwasendlini.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 3-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-27°C Sunny. Mild. PE: 15-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...