ISection 27 igculisekile ngezincwadi

2013-01-10 07:39
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Inhlangano iSection 27 iveze ukuthi yanelisekile ngomsebenzi wokuhanjiswa kwezincwadi zabafundi basezikoleni zaseLimpopo.

"Sigculisekile njengoba izikole eziningi zaseLimpopo sezizitholile izincwadi zazo zonyaka ka-2013," kusho isitatimende senhlangano.

Yize noma umsebenzi wokuhanjiswa kwezincwadi ungakaphothulwa, iSection27, ithi iyawuncoma uMnyango wezeMfundo eyisiSekelo.

"Izikole ezingakahanjiselwa izincwadi zibambisene noMnyango, ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi kuphela isonto sezikhona izincwadi."

NgoLwesibili, uMnyango umemezele ukuthi u-98% wezincwadi usuhanjisiwe ezikoleni.

Ngonyaka owedlule uNgqongqoshe woMnyango kuzwelonke u-Angie Motshekga, watholwa ukugxekwa kulandela ukuvela kokuthi kunezikole ezingazitholanga izincwadi kwaze kwasho ukuphela unyaka.


 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Utholakale engenamyocu umfundi wase-UJ

Emizuzwini eyi-25 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-24°C Sunny. Mild. Pta: 13-23°C Showery. Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 9-19°C Scattered showers. Broken clouds. Mild. Bloem: 9-21°C Afternoon clouds. Mild.
Dbn: 15-20°C Passing showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 12-20°C Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...