ISasco igxibhe intela yezifundiswa
2013-02-08 08:31
Johannesburg - Ukuphasiswa kwentela ezothathwa kulabo asebegogodile kuzobe kungukuqhubeka nokukhuthuza abasebenzi bakuleli, kusho iSouth African Students' Congress (Sasco).
ISasco isihlabile isiphakamiso se-African National Congress
ngenxa yokuthi abantu baziphantela ngokwabo ukuze bathole imfundo ephakeme, kusho okhulumela le nhlangano uNgoako Selamolela.
“Labo asebegogodile abaphuma emindenini engacebile nakuleyo edla imbuya ngothi bahlalelwe ngumsebenzi wokondla emakhaya.
“Lokhu kusho ukuthi abantu bakuleli abasoze baphuma ekubhuqabhuqweni yindlala."
I-ANC yaphakamisa ukuthi kube nentela ezothathwa kulabo asebephothule izifundo zabo, ngesikhathi ibambe inkomfa eMangaung ngoDisemba.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA