ISadtu isabisa ngokungawumakeli u-matric
2012-11-28 08:17
Gabisile Ngcobo, The Witness
Pietermaritzburg - Inyunyana yothisha KwaZulu-Natal iSouth African Democratic Teachers Union (Sadtu) isabisa ngokungawumakeli u-matric uma kungahlangatshezwana nezimfuno zayo.
Le nyunyana yagcwala izitaladi zaseMgungundlovu ngasekuqaleni kwale nyanga ikhala ngokuthi kumele baqashwe ngokugcwele othisha baka-Grade R abayitoho.
Baphinde banyuselwe imiholo isuka ku-R4 000 ibe ngu-R6 000 ngenyanga.
Ekhuluma nephephandaba iThe Witness ngoLwesibili, uNobhala weSadtu esifundazweni uMbuyiseni
Mathonsi uthe uMnyango wezeMfundo ufuna ukubanyusela ngo-7% imiholo labo thisha, wathi leso siphakamiso basihlabile.
“UMnyango ulinde kwaze kwaqeda u-matric ukubhala ukuze usitshele lezi zindaba. Uma bengashintshi nathi asiwamaki amaphepha abo futhi nemiphumela yabafundi ngeke siyikhiphe," esho.
Ukumaka kulindeleke ukuthi kuqale ngoMgqibelo, Disemba 1.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- The Witness