I-SANDF ithi ayiyingeni eye-ANCYL

2011-08-30 16:42

Cape Town - Umbutho wezokuvikela kuleli uthi ngeke ungenelele odlameni oluqhubeka ngaphandle kwekomkhulu le-ANC enkabeni yeGoli, kusho uNgqongqoshe wezokuVikela uLindiwe Sisulu eKapa ngoLwesibili.

"Lolu udaba oluqondene namaphoyisa," kusho uSisulu etshela izintatheli.

"Sivikela leli lizwe, lolu daba alusithinti nakancane.

"Uma kushiswa izikibha, lolo udaba olubhekene namaphoyisa. Kanti futhi ngiyakholwa ukuthi amaphoyisa azokwazi ukubhekana nalesi simo ngaphandle kwezihibe."

Abalandeli bakaJulius Malema bashaye amaphoyisa nezintatheli ngamasthe nangamabhodlela bashisa izikibha ezinobuso bukaMengameli Jacob Zuma ngaphandle kwaseLuthuli House ngoLwesibili ekuseni.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-20°C a few showers. More sun than clouds. Cool. Pta: 21-34°C More sun than clouds. Extremely hot.
Jhb: 19-29°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-34°C High level clouds. Extremely hot.
Dbn: 21-34°C a mixture of sun and clouds. Hot. PE: 18-25°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...