ISAHRC izophenya izibhedlela zaseMpumalanga

2012-11-07 14:04

Johannesburg - Isikhalazo seDA ngesimo sezibhedlela ezingu-32 esifundazweni iMpumalanga kuzophenywa ngaso yiSA Human Rights Commission (SAHRC).

Encwadini ebhalelwe lowo okhulumela ezempilo kuDemocratic Alliance uJames Masango, imenenja yeSAHRC esifundazweni u-Eric Mokonyama ngoLwesibili uthe le khomishana izophenya ngesimo salezi zibhedlela.

"Le ncwadi iqinisekisa ukuthi iSAHRC isizwile isikhalazo kanti izophenya ngaso," kusho uMokonyama.

UMasango uthe lesi sikhalazo basifaka kwabeSAHRC ngoLwesibili olwedlule.

I-DA ikhathazekile ngokohlelo lokugcwaliswa kwezikhala zomsebenzi, ukushoda kwabasebenzi abanamava nokunganakwa kwengqalasizinda yezibhedlela.

UMasango usamukele isinyathelo sikaNdunankulu waseMpumalanga uDavid Mabuza sokuhambela lezi zibhedlela wase exosha abasebenzi abangawenzi ngendlela umsebenzi.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-19°C Sunny. Mild. Pta: 14-23°C Passing showers. Mostly cloudy. Mild.
Jhb: 8-18°C Passing showers. Afternoon clouds. Mild. Bloem: 2-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-22°C Sunny. Mild. PE: 14-19°C Numerous showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...