IPopcru igxeke ukubulawa kukadokotela eMpumalanga

2011-06-08 12:02

Johannesburg - Inyunyana yamaphoyisa nojele iPolice and Prisons Civil Right's Union (Popcru) izwakalise ukunengeka kwayo mayelana nokubulawa kukadokotela esibhedlela iMiddelburg Hospital eMpumalanga, kusho okhulumela le nyunyana ngoLwesithathu.

"Izibhedlela eziningi azinazo izinhlelo zokuphepha ezisezingeni, nokudalwa ukunikezelwa kwamathenda ezinkampanini ezinonogada abangaqeqeshiwe ngendlela nokushoda konogada imbala," kusho okhulumela le nyunyana uMampane Norman esitatimendeni.

NgoLwesibili isiguli, 32, kusolakala ukuthi sigwaze uDkt Senzosenkosi Mkhize esifubeni, nonogada obezama ukungenelela naye wagwazwa esihlakaleni.

Unogada uthole ukwelashwa kulesi sibhedlela kwathi uMkhize wadluliselwa esibhedlela esizimele esesimweni esibucayi, nokuthe ngokuhamba kosuku washona.

Isiguli lesi sibe sesibaleka njengoba namanje sisagcwele amathafa.

IPopcru inxuse amaphoyisa ukuthi "azingele" lesi siguli aze asithole.

Inhlangano yonesi iDemocratic Nursing Organisation of SA (Denosa) ngoLwesithathu izwakalise ulaka lwayo ngokubulawa kwalo dokotela.

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-27°C Sunny. Warm. Pta: 18-30°C Widely scattered tstorms. More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-25°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-23°C Afternoon clouds. Mild. PE: 16-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...