INingizimu Afrika ithumele ukudla eNiger

2013-01-24 16:37
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Umthwalo osuka kuleli usuthelekile olwandle lwaseBenin, njengoba usendleleni ebheke eNiger, kuyokwelekelelwa ngokudla, kusho iPhini likaNgqongqoshe woMnyango wezangaPhandle u-Ebrahim Ebrahim.

NgoLwesihlanu olwedlule, izwe lithumele amasaka embewu angu-16 206, kwathunyelwa ukudla kwemfuyo okungamasaka angu-4058, kube amasaka empuphu angu-4305.

Konke lokhu sekuthelekile enhlokodolobha yaseBenin, iCotonou, kusho isitatimende soMnyango.

Okunye ukudla okuhlanganisa namafutha, kuzosuka echwebeni laseThekwini ngasekupheleni kwenyanga kaJanuwari.

Ngonyaka owedlule, uNgqongqoshe woMnyango uMaite Nkoana-Mashabane, wamemezela ukuthi iNingizimu Afrika izosiza iMali, Niger, Mauritania neChad, njengoba la mazwe ebhekene nengwadla yesimo sezulu esingesihle.

Umthwalo wokuqala wathunyelwa ngenyanga kaSepthemba.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C Sunny. Mild. Pta: 10-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 9-17°C Sunny. Mild. Bloem: 6-16°C Mostly sunny. Cool.
Dbn: 17-22°C Morning clouds. Mild. PE: 11-19°C Passing showers. Clearing skies. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...